UNkk uKeletso Gopal, umsunguli weHouse of Kele eyenza iTse Babang chilli mix, yaseGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Isidlo somndeni nezihlobo nabangani saphenduka ithuba elihle kumninimuzi lokuqala ibhizinisi leZibabayo. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

Share this now

NGELINYE ilanga umndeni wakwaGopal waseGoli, eGauteng, wawuhleli nezihlobo nabangani kuphekwe ukudla okunomsoco nokuconsisa amathe kodwa ezinye izivakashi zazifisa okubabayo ekudleni kwazo.

Loku kwaphoqa uNkk uKeletso Gopal ukuthi aqhamuke necebo. Waphuthuma ekhishini wayokwenza okubabayo. Wahlanganisa izinhlobo ezihlukene zikapelepele ne-virgin olive oil, ugalikhi noviniga ukunandisa. Izivakashi aziwuvalanga umlomo ngopelepele wakhe, ezinye zazezacela ukugoduka nawo. Yazaleka kanjalo iTse Babang chilli mix ngo-2019.

ITse Babang, okusho ukuthi ezibabayo ngesiTswana, idayisa upelepele ohlanganiswe nokunye ukwenza ukudla kwalabo abathanda ukudla okubabayo kwehle esiphundu. ITse Babang ihlukile kunabanye opelelepele ngoba ine-virgin olive oil ethe xaxa, eyenza ingqondo yabantu ibe bukhali futhi banciphe nogaligi, onqanda izifo zenhliziyo.

ITse Babang itholakala eGoli, eRustenburg, eNorth West, naseHarare, eZimbabwe.

Itholakala ngamabhodlela ahlukene, u-375ml, obiza uR70. Bebenza no-175ml, abaphezu kwezinhlelo zokushintsha amabhodlela awo ngoba abengezwani namakhasimende.

Upelepele wekhethelo iTse Babang usulungele amakhasimende

Ukubheduka kweCOVID-19 akuzange kulinqide ibhizinisi. Kunaloko yabakhuthaza ukuthi bafake umfutho wabo wonke ebhizinisini. “Ngesikhathi seCOVID-19, kuvalwe yonke into, sathola isikhathi sokuxoxa kahle nomndeni wami sakhuluma nge-branding, i-packaging nezindlela zokudayisa ezizosisebenzela,” kusho uNkk uGopal.

UNkk uGopal ukholwa uma unephupho lebhizinisi qala ngonakho. Uthi: “Ngiyafisa intsha efuna ukuqala (ibhizinisi) ingaqonda ukuthi asikaze sibekhona isikhathi ongathi sikahle sokuqala ibhizinisi. Into emqoka wukuthi uqale; ngoba uma usuqalile uzokwazi ukuthi ukhula kanjani ukuze ufinyelele lapho ofisa ukuba khona.

“Ibhizinisi ngaliqala ngemali engangiyibeka (ngomsebenzi) wokwenza i-makeup. Ukube ngangithi ngizolinda (ngize ngibe nemali), ngangingeke ngiqale,” kukhumbula yena.

Le nkampani isinezisebenzi ezine kanti izimisele ngokuqasha ezinye ngokukhula kwenkampani.

Ngaphandle kokudlondlobala kwebhizinisi okunye osekumjabulise kakhulu ngalo, ithuba abalithola lokuhambela iRand Easter Show 2022, lapho amakhasimende athola khona ithuba lokuzwa upelepele weTse Babang. Kulowo mbukiso bawadayisa wonke amabhodlela ababewaphethe ngalolo suku.

UNkk noMnu uLeroy Gopal, mhla iTse Babang ikhangiswa kwiRand Easter Show 2022

UNkk uGopal uthi kulisize ibhizinisi kakhulu wukusebenzisa izinkundla zokuxhumana, athi yindlela elula, engabizi futhi esheshayo yokukhangisa ibhizinisi.

Iphutha aselibone lenziwa ngabanye osomabhizinisi wukuthi bayashesha ukuphela amandla, abanasineke futhi abazimiseli ngokwanele. UNkk uGopal uthi yiloku okumqoka uma ufuna ibhizinisi lakho liphumelele.

Ubonga kakhulu ukwesekwa umndeni wakhe, ikakhulu umyeni wakhe uLeroy ohlale emkhuthaza, ngoba uthi kuyinselelo ukuzisebenza.

UNkk uGopal ufisa ukuthi iTse Babang isabalale iNingizimu Afrika yonke futhi ifinyelele kwamanye amazwe futhi ufisa ukuthi kube yibhizinisi lomndeni elizoqhubeka izizukulwane ngezizukulwane.

Facebook: Tse Babang

Instagram: tse_babang

You cannot copy content of this page