UNkk uSlindile Khanyile, umhleli woMbele, abaxhasi bezindaba be-Africa Tech Festival, ebiseCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa obephethe uhlelo ngobuchwepheshe nezolimo

Izithombe: wuLanga Khanyile

Ithemba le-Afrika kwezolimo lilele ekusebenziseni ubuchwepheshe – izikhulumi. ULANGA KHANYILE uyabika

Share this now

MANINGI amathuba okuchuma komsebenzi wabalimi nabafuyi kodwa kukhulu abangakuzuza uma besebenzisa ubuchwepheshe.

Ongoti bezolimo nabezobuchwepheshe bokuxhumana bavumelene ngazwi linye ukuthi ubuchwepheshe besimanje bungalekelela imboni yezolimo. Bebekhuluma esigcawini kwi-Africa Tech Festival, ngesonto elidlule eCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa. Umbele ubungabaxhasi bezindaba bale ngqungquthela, ehlelwa yi-Informa Tech yaseNgilandi.

I-managing executive: Internet of Things eVodacom Africa uMnu Pavashen Govender ithe: “I-Afrika inezinselelo zayo yodwa uma kukhulunywa ngobuchwepheshe kwezolimo. Yingakho izinto zobuchwepheshe be-Afrika kufanele zibheke isimo se-Afrika. I-Digifarm nje yenza izinto ezinkulu eKenya; njengokuthi kubonakale uhla lwabalimi, izimo zezulu, njll.

“Enye into enhle eyenzeka kwezolimo wukuthi abalimi abakhulu bathenge izimpahla kubalimi abancane abakhiqiza ngezindlela ezingacekeli imvelo phansi; njengabenza itiye. Loku bakwenza ngokusebenzisa iDigifarm ukuthola abalimi abancane nokuthenga kubona amaqabunga etiye kubantu ababengeke bangene kwi-value chain.

UGovender uthe bawu-100 million abalimi abasafufusa e-Afrika.

I-chief operating officer yeMzansi Meat Co. uNks uTasneem Karodia uthe: “Siyaziqhayisa ukuthi saletha ubuchwepheshe bokukhiqiza inyama e-Afrika. Maningi amathuba (okusebenzisa ubuchwepheshe embonini) ukudala amathuba omsebenzi, ikakhulu yentsha, kodwa indaba isekutheni siwasebenzisa kanjani.

“Okuningi esikwenzayo kudinga ucwaningo… abantu abanamajazi ekucwaningeni nasekuthuthukiseni izinto. Kepha okunye wukuthi senza kanjani ukuthi ubuchwepheshe buhambisane nendawo bandise namathuba omsebenzi. (Ngobuchwepheshe bethu bokukhiqiza inyama), thina nje saxoxisana nabafuyi abancane ngoba isikhathi esiningi bavama ukusala kweminye imisebenzi ethinta ezolimo.

“Kunezimboni ezintsha ezakhiwa wubuchwepheshe,” kusho yena.

Izikhulumi zivumelene ngo-elethu ukuthi ukusabalala kobuchwepheshe akufanele kusho ukuthi buzoqeda imisebenzi eyenziwa abantu.

UMnu uGovender, uNks uKarodia noNks uMulende Gunde bedingida ngobuchwepheshe besimanje kwezolimo kwi-Africa Tech Festival eCape Town International Convention Centre 

UNks uKarodia uthe: “Ubuchwepheshe kufanele buhambisane nathi (abantu). I-COVID-19 nesomiso kusikhombisile loku. Uma kunobuchwepheshe obusikhombisa imininingwane, kungasisiza. Isibonelo nje, singakwazi ukusheshe sibone izinhlekelele zingakenzeki.”

Nokho i-Afrika kusenezinto okudingeka ukuthi izilungise ukuze kungantuleki ukudla kwizwekazi nokuthi kwahlale kuthiwa iyethembisa.

UNks uBrenda Mulele Gunde, i-global senior technical specialist ICT4D e-International Fund for Agricultural Development, uphiko lweNhlangano yeZizwe, uthe: “I-Afrika ayikwazi ukuzikhiqizela ukudla yodwa kuphela. Ukuze amazwe ase-Afrika akwazi ukuthutha izimpahla, kudingeka isimo esizokwenza ukuthi ikwazi ukusabalala emhlabeni wonke. Kudingeka ushintsho olunqala kulolu hlangothi.”

Wengeze ngokuthi ikusasa le-Afrika lilele entsheni. U-Govender uvumelane naye, wathi kudingeka abantu emazingeni wonke bafunde ukusebenzisa ubuchwepheshe.

Izikhulumi zivumelene ngokuthi zine izinto eziyinsika yempumelelo yezolimo nobuchwepheshe – ukuxhaswa ngemali, ukuhleleka kwenqubo, ukuthi ubuchwepheshe butholakale mahhala nokwenza abantu bonke bakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe.

You cannot copy content of this page