ONks uMosibudi Mathole noKhomotso Ramodipa, abanikazi beKwame Diamonds yaseGoli, eGauteng

Isithombe: Sithunyelwe

Izintokazi ezimbili ezimnyama zisika uthulamsindo wento embonini yedayimane. Enye yazo ixoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

UKUVELELA embonini okuncintiswana kuyona kakhulu njengeyamadayimane akulula kodwa emva kweminyaka ewu-14, izelamani seziphumelele.

ONks uKhomotso Ramodipa noMosibudi Mathole ngabanikazi beKwame Diamonds. Abagcini nje ngokulimba phansi idayimane kodwa bayalisika, balipholishe futhi benze ubucwebe obuhlukene.

UNks uRamodipa, owumqondisi wenkampani, utshele iVutivi Business News ukuthi bebefuna ukushintsha inkolelo ethi abantu abamnyama abakwazi ukungena embonini yamadayimane.

IKwame Diamonds, ezinze eGoli, eGauteng, yasungulwa ngo-2008 nakuba umqondo wokuhweba embonini yamadayimane wawubafikele ngaphambi kwaloko. “Saqale sacabanga ukungena embonini yezimayini kodwa ngenxa yobunzima esabhekana nabo sifuna ilayisensi, sabona ukuthi akuyona into esifuna ukuba ingxenye yayo.

“Sangena embonini yamadayimane ngesikhathi kukhona indoda ekhulile eyasicela ukuthi siyisize idayise amadayimane ayo. Sathola ukuthi yayike yaba nemayini yamadayimane kodwa ngenxa yendlela okusebenza ngayo ukheshi nokuthi kunzima ukuthola ilayisensi sanquma ukuba ngasekugcineni sidayise umkhiqizo wamadayimane,” kusho yena.

Basebenze bengabadayisi iminyaka emibili phakathi kwango-2006 nango-2008 ngenkathi besalinde ukuthola ilayisensi yokushintsha idayimane libe wumkhiqizo, ilayisensi ebanika igunya lokusika idayimane futhi balipholishe.

Emva kweminyaka embalwa, iKwame Diamonds iqale ukwakha ubucwebe bamadayimanje, kanti ngo-2020 ithole imvume yokumba idayimane ngenkampani kahulumeni i-Alexkor. Iqashe abantu abangaphezu kuka-300.

UNks uRamodipa uthe bangene embonini yezimayini ngoba besekulukhuni ukuthola amadayimane angasikiwe. “Kumele uqonde ukuthi ngenkathi izwe livaliwe, imboni yamadayimane ibimile emhlabeni jikelele izinyanga ezimbalwa. Ngenxa yaloko, sibone isidingo sokuzama le ndlela.”

Uthe kufuneka iNingizimu Afrika iqinisekise ukuthi ziyanda izinkampani zakuleli zwe ezikwazi ukusika futhi zipholishe amadayimane.

“INingizimu Afrika ngelinye lamazwe ambalwa emhlabeni akhiqiza amadayimane kodwa abantu abakwazi ukulipholisha bangaphansi kuka-2000, isibalo esehle sisuka ku-5 000 ngo-2008 ngenxa yokuwa komnotho womhlaba ngaleso sikhathi. Izinkampani ezisafufusa yizona okufanele zenze le misebenzi esikhundleni sokuthi amadayimane aye kwamanye amazwe ayosikwa bese ebuya esezodayiswa eNingizimu Afrika.

“Kufanele sibe nomqondo wokufuna ukuba ngabanikazi bezinto okungezethu futhi siqonde ukuthi imboni yamadayimane isebenza kanjani, singagcini ngokuba yizisebenzi kuphela.”

UNks uRamodipe uthi elinye lamaphupho akhe amakhulu wukuthuthukisa imiphakathi, ikakhulukazi abesifazane, ukuthi bangene embonini yezimayini. “Sifuna ukubakhombisa ukuthi kuyenzeka ukuthi nabantu besifazane baphumelele embonini egcwele amadoda njengeyezimayini.”

You cannot copy content of this page