Ziyathokozisa izindaba zokuphucula ukusebenza kukahulumeni, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

UKUNGASEBENZI kahle kwezinhlaka zikahulumeni kuyazwela kakhulu kosomabhizinisi. Maningi kakhulu amafemu nezinkampani okuvalayo noma esezizovala unomphelo ngenxa yokungasebenzi kahle kwezinto komasipala, ngaphezu kwemiphumela emibi lokhu okuvele kunayo empilweni yabantu. 

Ngesonto elidlule kushicilelwe umqulu onhloso yawo wukuphucula ukusebenza kukahulumeni, i-National Framework Towards the Professionalisation of the Public Service emva kokuphasiswa yiKhabinethi emasontweni amabili edlule.  

Lo mqulu ohlanganiswe umNyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha umandla ekuhlonzeni inkinga nemiphumela yayo. 

Injongo eseqhulwini yeBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukweseka uhulumeni uphucule indlela ohlinzeka ngayo imisebenzi futhi ngiyayincoma imizamo esiyenziwe ukufinyelela kulesi sigaba. Osekudingeka wukuthi sonke siweseke.

Lo mqulu ulibeka ngembaba elokuthi ukuqasha abantu kubhekwa kakhulu ukuthi baseka yiphi inhlangano kuwubulele uhulumeni, wengeza ngokuthi “ezikhundleni eziphezulu kuvunyelwe kakhulu ukuthi kugxambukele ipolitiki ekuqokeni nasekuphatheni kwalabo abasezikhundleni”.

Loku kudale uthuthuva ezikhundleni eziphezulu, kwehlisa nogqozi futhi kwanciphisa ithemba izakhamuzi ezinalo kuhulumeni. Kunaloko lo mqulu uthi: “Uma uhulumeni usebenza ngendlela kahle kufanele abantu baqashwe futhi bakhushulwe ezikhundleni ngoba lokho kufanele, hhayi ngoba kukhona kukhona ababaziyo noma ngoba bengamalungu enhlangano ethile.”

Awuhlonizi ukuthi ukuqasha abantu ngenxa yenhlangano yepolitiki “kufanele kuyekwe”.

Kuyangijabulisa ukuzwa loko. Lo mqulu ucacile nangokuthi kufanele kugxilwe kwimiphumela: uhulumeni osebenzela izakhamuzi futhi ukhiqize umsebenzi ocokeme. Uyakubalula nosekujwayelekile, nokuyikho okuthathwa njengokwanele ukwenza umsebenzi omuhle kuhulumeni – ukuthola umbiko omuhle wezimali – ukuthi kuyisiqalo kodwa akuyona yonke into.

Ngiyakuncoma futhi nalokhu okuzama ukwenziwa lapha. Inselelo-ke kuyohlale kuwukwenza. Kuneziphakamiso lo mqulu ozenzayo njengokuqoka inhloko yokuphatha okuzofanele bonke abaqondisi-jikelele babike kuyo ngezinto ezithinta umsebenzi ngqo besekuthi ongqongqoshe babike ngokuthinta umgomo.

Lo mqulu uthi lokhu yinto evele ikhona ohlelweni emqulwini kahulumeni kazwelonke i-National Development Plan futhi kufanele ngabe kade waqala ukusetshenziswa.

Ezinye iziphakamiso ezithinta ukulula izinkontileka zabaqondisi-jikelele nezinhloko zeminyango ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uqhubeka kahle, okufanele nakho kwenziwe uma sekubuyekezwe kahle indlela umuntu abephethe ngayo.

Uphakamisa ukuthi kubuyekezwe futhi kuchitshiyelwe imithetho elawula ukusebenza kukahulumeni futhi kukhona imithethosivivinyo ezokwethulwa kungekudala.

Kukhona nesiphakamiso esithi kufanele kube nendlela yokujezisa abangawenzi umsebenzi kanjalo nohlelo lokucathulisana ukuze labo ababewenza kahle umsebenzi badlulisele amakhono kwabasele. Kuphakanyiswe nokuthi kube nezinhlelo zokuqeqesha ezihambisana nezivivinyo.

Njengoba nazi, ngivamile ukusho ukuthi enye inselelo enkulu esibhekene nayo izinga lomsebenzi kahulumeni njengoba kufanele silungise umonakalo owadaleka ngesikhathi kugwamandwa amandla ombuso futhi kugxambukelwa endleleni uhulumeni asebenza ngayo. 

Nakuba sikwazi ukuqhamuka nezisombululo zesikhashana ukweseka uhulumeni uma kusuke kunenkinga nesimo esiphuthumayo, siyoba nohulumeni osebenza kahle nangokuphelele mhlazane sabheka kuhulumeni wethu ukuthi enze umsebenzi oseqophelweni eliphezulu futhi uphendule njengokusho kwentandoyeningi. 

Njengoba kungakenzeki lokhu, abamabhizinisi yibona okufanele bavale izikhala. Izinkampani eziningi kudingeke zitshale kwingqalasizinda ukuqinisekisa ukuthi zinamanzi, angisayiphathi ekagesi. Nakuba ezinye izinkampani zikwazi ukukwenza lokhu kodwa kunezinye eziningi ezingenawo amandla alokhu ezigcina ziwile, okunqinda okungazuzwa umnotho wethu. 

Ziningi nezinye izindaba esizizwayo lapho izinkampani zingenelela khona ukusiza nasemiphakathini njengokujuba onjiniyela ukuthi bayolungisa uma kunenkinga yamanzi noma bakhe imigwaqo emiphakathini yabo.

Konke lokhu kuyancomeka kodwa akufanele ngabe kuyenzeka. Izidingo zomphakathi kufanele zihlinzekwe njengokusho kwalokho okulindelwe kuhulumeni wentando yabantu, ukuze kwenzeke lokho, kudingeka uhulumeni osebenza kahle. 

Ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana nohulumeni ukuweseka ukuze lo mqulu usebenze. Izinto ozishoyo ziyahambisana nezidingwa abamabhizinisi.

Nakuba kukhuthaza okushiwo uMengameli uCyril Ramaphosa ngeziphakamiso zeKhomishini kaZondo, kunezinto eziningi ezibalulekile “ezizobuyekezwa” noma “ezisayophenywa kabanzi” ekubeni ukuqokwa kwabantu ngenxa yenhlangano yepolitiki abakuyona, abaningi abakholwa wukuthi kuwumnyombo wokugwamandwa kombuso, kungabalwanga kwakubalwa. 

I-BLSA iyasamukela iSabelomali esibheka le minyaka emithathu ezayo i-2022 Medium Medium-Term Budget Policy Statement esethulwe uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana esiqinisekise umgomo wokuphatha imali ozoholela ekutheni kukhule umnotho.  

Eqala inkulumo yakhe uGodongwana uthe uhlose ukubhekelela izidingo zabantu baseNingizimu Afrika nekusasa labo. 

UNksz Mavuso uyisikhulu esiphezulu se-BLSA

You cannot copy content of this page